Ingane
Ummomo
Ingane (iningi: izingane, elinye igama: umntwana, iningi: abantwana) ingumuntu ongaphakathi kwezigaba zempilo zokubelethwa kanye nesigaba sentsha. Izinhlanga ezahlukene zinamasiko nemibono engafani mayelana isigaba sobungane kanye nokuthi inamalungelo anjani, ifeza iqhaza elinjani, ikhuliswa ngubani, kanjani, nokuthi isigaba sobungane siqalaphi nokusiphelaphi. Amanye amazwe achaza lokho okusesibeletheni nakuba lungakakabelethwa ingane. Iningi lamazwe lihlukanisa izigaba zobungane nesentsha nesigaba sowokhulile noma omdala. Kungakho emazweni amaningi, ingane ayiphenduleli izenzo zayo ngokufana nomdala.