Inkonkoni
Ummomo

Inkonkoni iyisilwane sasendle esikhulu esihlala ezindaweni ezinotshani. Inomzimba omkhulu, izimpondo nomsila onezinwele. Ihlala ngamaqembu futhi ihamba ifuna utshani namanzi.[1]
Inkonkoni idla kakhulu utshani nezinye izitshalo. Ayizingeli ezinye izilwane ngoba yona idla izitshalo. Uma ibona ingozi, iyabaleka ngokushesha ukuze ibalekele izilwane eziyizingelayo.[2]
Inkonkoni izalana ngokuthi iduna lihlangana nensikazi. Insikazi ithwala izinyanga ezingaba yisishiyangalombili kuya kweziyisishiyagalolunye bese izala ithole elilodwa. Ithole likwazi ukusukuma nokuhamba ngemva nje kokuzalwa.[3]
- ↑ "wildebeest". Britannica Kids (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-20.
- ↑ Parks, Abby (2020-02-28). "Wildebeest". A-Z Animals (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-20.
- ↑ Beaumont, Lucien (2012-12-09). "Two Wildebeest Give Birth Together - Londolozi Blog". Blog (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-20.