Jump to content

Inzilo

Kubuya ku Wikipedia

Inzila yingxenye yemikhuba yokuzila nokulila ethilakala kwamanye amasiko abantu baseNingizimu Afrika,ikakhulukazi emasikwenzi esiZulu.Ivamise ukufakwa ngesikhathi owesifazane ehlonipha umnyeni wakhe uma eseshonile.[1]

Ukubaluleka kwenzila

[hlela | Hlela umthombo]

Inzila ibalulekile kubantu abayilandelayo ngoba iyindlela yokubonisa ukuthi umuntu noma umndeni usesikhathini sokulila.Iphinde ibe yindlela yokuhlonipha oshonile nokulandela amasiko adluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane.Ucwaningo ngemikhuba yokulila yamaZulu lubonisa ukuthi ukuzila kunendawo ebalulekile emikhubeni yokufa nokulila.[2]

Inzila nokulila

[hlela | Hlela umthombo]

Ngesikhathi sokulila,amalunga omndeni angalandela imithetho noma amasiko athile ahambisana nokuzila.Kwezinye izimo,inzila ingaba yizinguba ezimnyama noma izingubo ezikhethekile ezikhombisa isikhathi sokulila.Nokho,indlela inzila egqokwa ngayo nesikhathi sokuyigqoka kungahluka phakathi kwemindenu nemiphakathi.[3]

Ukukhunyulwa kwenzila

[hlela | Hlela umthombo]

Ukukhunyulwa kwenzila kungaba uphawu lokuphela kwesikhathi esithile sokulila.Kwezinye izindlela zesintu,ukukhunyulwa kwenzila kwenzeka ngemva kwesikhathi esithile futhi akuhambisane neminye imikhuba yokubuyisela umuntu noma umndeni empilweni evamile.[4]

Ukubaluleka kwamasiko

[hlela | Hlela umthombo]

Imikhuba yokulila,okuhlanganisa inzila,iyingxenye yolwazi namasiko adluliselwa phakathi kwezizukulwane.Umgcwabo wamaZulu ubonisa ukuthi amasiko okufa,ukulila kanye nomngcwabo kuhlobene nezikolelo nendlela yokuphila.[5]

Isiphetho

[hlela | Hlela umthombo]

Inzila ingxenye yemikhuba yokulila ebelulekile kwamanye amalunga omphakathi.Isetshenziswa njengendlela yokubonisa ukulila nokuhlonipha oshonile.Njengoba amasiko ehlukahluka,indlela inzila esetshenziswa ngayo ingahluka phakathi kwemindeni nemiphakathi.[6]

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Ngubane, S. 2024. Traditional practices on burial system with special reference to the Zulu people of south Africa.
  2. ↑ Duber, B.N. 2003. The gendered construction of mourning and cleansing rites of widowhood amongst the Zulu speaking people of Ndwedwe community, KwaZulu-Natal. University of Natal.
  3. ↑ In text citation: (Mbizana, 2007, njongoba kucashunwe ocwanungweni)
  4. ↑ Nyawose, T. 2000. Living in two worlds: Codes and modes of expression at Zulu funerals in KwaZulu-Natal at the turn of the millennium University of Natal.
  5. ↑ Ngubane, S. 2004. Traditional practice on burial system with special reference to the Zulu people of South Africa.
  6. ↑ (Ngubane, 2004)