Umakoti

Umakoti , umlobokazi noma umtshakazi ngumuntu wesifazane osezoshada, osanda kushada noma oshadile (oganile) ohlala emendweni.
Lapho kwenziwa umgcagco, lowo ozoba umyeni kamakoti, ngokuvamile ubizwa ngokuthi umkhwenyana noma umkhonyana nje . Ngokwesiko laseNtshona, umakoti angase ahanjelwe yimpelesi eyodwa noma ngaphezulu. Kanjalo nangokwesintu, umakoti uphelezelwa izimpelesi.
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]Igama elithi "umakoti" lisuka olimini lwesiLala, kwelithi "umakhoti". Isilala siwulumi oluthefulayo, njengesiSwati, futhi lezi zilimi zinamagama ahlobene nelithi umakoti afana nelithi umkhothi (Umkhozi) ubukhothi asetshenziswa ukuchaza ubudlelwane, okusho ukuthi umakoti yilowo ongena ebudlelwaneni nomyeni wakhe. Igama lokuhlonipha lona lithi umatshothi. Ukukotiza indlela umakoti aziphatha ngayo emendweni.
Amanye amagama esizulu kamakoti ilawa:
- umlobokazi livela kwelithi 'lobola', lisho umakoti olotsholiwe owakhishelwa izinkomo zelobolo, ngokufanayo elithi umloboli, umlobolisi, umloboli nawo avela kwelithi lobola.
- Ingcwayikazana, livela kwelithi gcwaya (gcaya) okuyisenzo sokumboza amabele esenziwa umakoti emendweni. ingcwayikazana isinciphiso selithi ingcwayi. Ingcwayikazana umakoti osemusha, osanda kugcwaya.
Amagama okuhlonipha ahlanganisa elithi umgwadi
Indlela Yokugqoka
[hlela | Hlela umthombo]
Umakoti ufika kubo kamkhwenyana ethobe ugqoka izingubo ezizothile afake umhezo owokuhlonipha abakamkhenyana. Umakoti kuvame ukuthi afike nezitsha zokudlela umndeni noma amalunga omndeni.
Umakoti ugqoka ngendlela ehloniphekile engavezi izibiliboco zomyeni wakhe, ngokujwayelekile umuntu mase eganile izimpahla azigqokayo azibi ngasenhla kwamadolo. Akabe esazigqoka izimpahla eziveza amabele nesifuba. Emzini makunomcimbi umakoti uyaheza akahambi ngamahlombe noma kunesifo umakoti uyaheza ukubonisa inhlonipho.
umshado omhlophe
[hlela | Hlela umthombo]
Emazweni aseYurophu baseMelika umakoti ugqoka ingubo ehlinephekile, afihle nobuso. Uma kungumshado omhlophe, umakoti uthungelwa bona aqashe ingubo yomshado ezogqokwa ngalolosuku kuphela. Ngokuvamile umakoti wayegqoka ingubo yombala othandwa uyena, Kodwa umshado weNdlovukazi Victoria, owagwoka ingubo emhlophe emgcagxweni wakhe, ukugqokwa kwengubo emhlophe kwaphenduka isiko. Namuhla, omakotu babelungu bagqoka ingubo emhlophe lapho beshada, futhi leli siko lithandwa amakholwa kakhulu. Emazweni ase-Asia, abalobokazi bagqoka izingubo ezihambisana nombala wesizwe, njengoba umbala omhlophe kungumbala wesililo nokufa ngokwamasiko akhona. Abalobokazi bakhonze umbala intombi. Kodwa namuhla abaningi balandela isimo laseNtshona futhi Nabi bafaka ingubo emhlophe ehlotshiswe ngemithungo emibalabala, nobuhlalu nembedu nobucwebe obunhlobonhlobo.